Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Babemdumisa uSimakade, bembonga ngamaculo, becula bethi: “Ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade ku-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka, bamemeza kakhulu ngentokozo, bedumisa uSimakade lapho bebona kubekwa isisekelo sendlu yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bahlabelela kanyekanye ukudumisa nokudumisa uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe ku-Israyeli umi phakade. Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu lapho bedumisa uJehova, ngoba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:11
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,


Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.


Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.


Zase zima lezo zigaba zombili zababongayo endlini kaNkulunkulu kanye nami, nenxenye yababusi inami,


Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


Jehova, inhliziyo yami ayikhukhumali, amehlo ami awaziphakamisi; angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingahlulayo.


Dumisani uJehova, ngokuba uJehova muhle; hubelani igama lakhe, ngokuba limnandi.


Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.


UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.


UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


Thokozani, mazulu, ngokuba uJehova ukwenzile, nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.


Elinye lamemeza kwelinye, lathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti, wonke umhlaba ugcwele inkazimulo yakhe.”


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na?


“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.


UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.”


Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.


Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ