Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lapho isisondela inyanga yesikhombisa, abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Ekuqaleni kwenyanga yesikhombisa, abantu bakwa-Israyeli sebesemizini, bahlangana bonke ngothi lwabo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ekufikeni kwenyanga yesikhombisa abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana njengomuntu munye eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide, namamane* ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.


Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.


Bafumanisa kulotshiwe emthethweni ukuthi uJehova wayeyalile ngesandla sikaMose ukuba abantwana bakwa-Israyeli bahlale emadokodweni ngomkhosi wenyanga yesikhombisa,


Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga anoba nokuphumula okuzothileyo, isikhumbuzo ngokushaya amacilongo, umhlangano ongcwele.


“Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo,


Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.


“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ