Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 2:68 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

68 Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

68 Kuthe ukuba bafike endlini kaSimakade eJerusalema, abanye bezinhloko zoyise banikela ngeminikelo yesihle ukuze kwakhiwe indlu kaSimakade esizeni sayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

68 Abanye bezinhloko zezindlu zoyise, lapho besendlini kaJehova eseJerusalema, bahlabela ize ukuze indlu kaNkulunkulu imiswe endaweni yayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 2:68
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi.


UDavide wathi: “Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”


USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise, nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi.


amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.


zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane* ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.


Balimisa i-altare endaweni yalo, ngokuba babe novalo ngenxa yabantu balawo mazwe, banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo, yebo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa.


Ngokuba siyizigqila; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu, simise indlu kaNkulunkulu wethu, sivuse incithakalo yayo, asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.


Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangithabathele umnikelo; kubo bonke abantu abanhliziyo zabo zivuma anothabatha umnikelo wami.


Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele.


Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.


Bawamukela kuMose wonke umnikelo, abantwana bakwa-Israyeli ababewulethele umsebenzi wenkonzo yendlu engcwele ukuba wenziwe ngawo. Kepha babesaletha kuye njalo imihla ngemihla ekuseni iminikelo yesihle.


Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


ngokuba ngokwawo anikela njengamandla awo, yebo, ngiyafakaza ngithi, nangaphezu kwamandla awo;


Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ