Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 nokuthi uma bengafinyelelanga emhlanganweni ngezinsuku ezintathu, bayokwephucwa yonke impahla yabo, badingiswe enhlanganweni yabathunjwa ngokwesinqumo sabaphethe nezikhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Futhi ukuthi noma ubani owayengafiki phakathi kwezinsuku ezintathu ngokweseluleko sezikhulu nabadala, yonke impahla yakhe yayiyothathwa, futhi kwakumelwe ahlukaniswe nenhlangano yabathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:8
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema


Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.


Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke, noma kube ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe yisizi, noma kube ngukuboshwa.”


Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.


Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.


“ ‘Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho, noma abantu, noma izilwane, noma insimu yefa lakhe, akuyikuthengiswa ngayo, ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.


Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*


Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.


Kepha uNkulunkulu uyakwahlulela abangaphandle. Xoshani omubi phakathi kwenu.


Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Yisiphi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga ebandleni kuJehova na?” Ngokuba bebefungile isifungo esikhulu ngaye ongakhuphukeli kuJehova eMispa ukuthi wobulawa nokubulawa.


Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: “Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ