Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesevuka u-Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka-Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 U-Ezra wasuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, waya endlini kaJehohanani, indodana ka-Eliyashibhi, wahlala lapho ubusuku bonke, engadli lutho, futhi engaphuzi lutho, ngokuba wayelila ngenxa yokungethembeki kwabantu ababebuye ekuthunjweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Ezra wayesesuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJohanani indodana ka-Eliyashibi, wafika khona, akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; ngokuba walilela isiphambeko sabathunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ezra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.


Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema


Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.


UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibi; u-Eliyashibi wazala uJoyada;


AmaLevi abhalwa emihleni ka-Eliyashibi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa njengezinhloko zawoyise kanye nabapristi ekubuseni kukaDariyu umPheresiya.


Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.


wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.


Kwasuka u-Eliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango Lezimvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba naseMbhoshongweni KaHananeli.


Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kube semnyango wendlu ka-Eliyashibi umpristi omkhulu.


Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.


Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,


Ngase ngibhekisa ubuso bami kuyo iNkosi uNkulunkulu ukuba ngikhuleke, nginxuse ngokuzila ukudla, nangendwangu yamasaka, nangomlotha.


“Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ