Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UShekaniya, indodana kaJehiyeli, enye yamadodana ka-Elamu, wathatha wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathe abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba ku-Israyeli ngale nto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 UShekhaniya, indodana kaJehiyeli, wozalo luka-Elamu, wathi ku-Ezra: “Asethembekanga kuNkulunkulu ngokuthi siganwe ngabesifazane bezizwe, kodwa noma kunjalo u-Israyeli usenalo ithemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USheganiya, indodana kaJehiyeli, omunye wamadodana ka-Elamu, waphendula, wathi ku-Ezra: “Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sathatha abesifazane babezizwe kubantu bezwe; kodwa likhona ithemba kwa-Israyeli ngale ndaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kumadodana ka-Elamu: ngoMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, no-Abidi, noJeremoti, no-Eliya.


abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


Kumadodana ka-Elamu: nguJeshaya indodana ka-Athaliya; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisikhombisa.


Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.


Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”


Sekuzwakele nangani ukuthi nenzile konke lokho okubi kakhulu ukuba niphambuke kuNkulunkulu wethu ngokuzithathela abesifazane babezizwe.”


Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka-Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya, umlindi weSango langaseMpumalanga.


abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;


Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ