Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke vumani izono zenu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, nenze intando yakhe; zehlukaniseni kubantu bezwe nakubafazi bezizwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho vumani manje uJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze njengokufisa kwakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nakwabesifazane bezizweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:11
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.


U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.


Lase liphendula lonke ibandla, lathi ngezwi elikhulu: “Njengokusho kwakho kithina nga sikwenza.


Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.


Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.


Kwathi sebezwile umthetho, bahlukanisa no-Israyeli yonke ingxubevange.


Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.


Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela*


Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Ngokuba usho kanje uJehova ngabathenwa, uthi: “Abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo.


“Ngalokho ngiyakunahlulela nina ndlu yakwa-Israyeli, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.


Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”


ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.


“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ