Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini, nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Kwase kuthi izinhloko zemindeni yakwaJuda nezakwaBhenjamini, abaphristi nabaLevi, nabo bonke izinhliziyo zabo uNkulunkulu azithinta, balungiselela ukuhamba beyokwakha indlu kaNkulunkulu eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Khona-ke izinhloko zawoyise bakwaJuda noBhenjamini, abapristi namaLevi, nabo bonke abamoya wabo uNkulunkulu awuvusayo, basukuma ukuze bakhe indlu kaJehova eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 1:5
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba kufezeke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:


Ngomnyaka wokuqala kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba kufezeke izwi likaJehova, ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:


“Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya, uthi: “ ‘UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.


Bonke abaseleyo, nakuziphi izindawo lapho begogobele khona, mabasizwe ngabantu bendawo yabo ngesiliva, nangegolide, nangempahla, nangezinkomo kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.’ ”


Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.


Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.


UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo,


Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani,


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ