Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 INkosi uSimakade Wamabandla nguye othinta umhlaba, uncibilike, balile bonke abahlala kuyo; uyakukhukhumala wonke njengomfula, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJehova Sebawoti nguye othinta izwe, lincibilike, bonke abakhileyo kulo balile; futhi liyakukhuphuka liphelele njengesikhukhula; njalo lizaminzwa njengomfula waseGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 9:5
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.


Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.


Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye.


Izizwe ziyaxokozela; imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


“Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.


Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ