Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Noma bangathunjwa yizitha zabo, nakhona lapho ngiyakujuba inkemba ukuba ibabhuqabhuqe, iso lami liyakuthi njo kubo, kube kubi, kungabi kuhle.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Noma beya ekudingisweni phambi kwezitha zabo, ngiyakuyala inkemba kusukela lapho, ibabulale; ngiyakubhekisa amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 9:4
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Wawusuthi ezincekwini: ‘Mehliseni kimi ukuba ngimbone ngamehlo ami.’


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’


Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli.


“Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.”


“Hamba ukhulume ku-Ebedi Meleki umKushe, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku.


“Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubhekisa ubuso bami kini kube kubi, kunqunywe uJuda wonke.


Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.


Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu, ugalele ngenkemba nxazonke zayo, nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni, ngihoshe inkemba emva kwazo.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.


Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.


“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.


Ngokuba ngaphambi kwalezo zinsuku kwakungekho nkokhelo yomuntu nanzuzo yenkomo, nakophumayo nakongenayo kwakungekho ukuthula ngenxa yesitha, ngokuba ngakhulula bonke abantu, kwaba yilowo nalowo wamelana nomfowabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ