Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 9:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 “Bhekani-ke, ziyeza izinsuku, lapho olimayo eyakuficwa ovunayo, onyathela amagilebhisi aficwe ngohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini elimnandi, ligeleze emagqumeni wonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho umlimi eyakufica ovunayo nonyathela izithelo zomvini ohlwanyelayo; izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi, namagquma onke ayakuncibilika.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 9:13
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.


Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.


Esikhundleni sogagane kuyakumila umsayipuresi,* nasesikhundleni samakhakhasi kuyakumila umbomvana. Kuyakuba yigama kuJehova, nesibonakaliso esingapheliyo esingayikunqunywa.”


Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo, bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.’ ”


Bayakuthi: “Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.”


Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.


“Kuyakuthi ngalolo suku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.


Kepha uJuda uyakuhlala kuze kube phakade, neJerusalema ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.


INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;


Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.


Izintaba zathuthumela ebusweni bukaJehova, yebo, nalo iSinayi lelo, ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ