Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 8:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova, “ngilishonise ilanga emini, ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 “Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngalolo suku, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini bebade, ngenze ubumnyama emhlabeni emini libalele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 8:9
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.


Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Owazala abayisikhombisa usedangele, waphuma umoya; ilanga lakhe lishonile kuse semini; ujabhile, wayangaza; insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni ngaphambi kwezitha zabo,” usho uJehova.


Lapho ngikucisha, ngiyakusibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi, ngimboze ilanga ngefu, inyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


nimfune owenza isiLimela neMpambano, ophendula ithunzi lokufa libe ngukusa, ayenze imini ibe mnyama njengobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele ebusweni bomhlaba nguJehova igama lakhe


Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono, kuhlwe kini, ningabe nisabhula; ilanga liyakushonela abaprofethi, usuku lube mnyama phezu kwabo.


Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.


“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye;


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ