Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 8:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngeke yini izwe lithuthumele ngenxa yalokhu futhi bonke abahlala kulo balile? futhi liyakukhuphuka liphele njengozamcolo; liyakuphonswa ngaphandle, liminze njengomfula waseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 8:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele.


Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


“Ngubani lo owenyuka njengeNayile, omanzi akhe agubha njengemifula.


IGibithe lenyuka njengeNayile, amanzi alo agubha njengemifula. Lithi: ‘Ngiyakwenyuka, ngisibekele umhlaba; ngiyakuchitha umuzi nabahlala kuwo.’


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emi okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo, kuze kungabikho ohlala khona.


Emva kwalawo masonto angamashumi ayisithupha nambili ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.


Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;


Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.


“Khona kuyakubonakala ezulwini isibonakaliso seNdodana yomuntu, bese zikhala izizwe zonke zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ