Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 8:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova wafunga ngobukhosi bukaJakobe, wathi: “Angiyikukhohlwa nokuyikho imisebenzi yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 8:7
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.


Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe, ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.”


Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela*


UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.


Nikani uNkulunkulu amandla; ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli; amandla akhe asemafwini.


Wathi: “Isandla singasesihlalweni sobukhosi sikaJehova sokuthi uJehova uyakulwa no-Amaleki izizukulwane ngezizukulwane.”


Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.


“Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu,


abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


“Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?


Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.


INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayo ukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlela lapho niyakususwa ngezingwegwe, nabaseleyo kini ngezindobo.


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ