Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 8:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa* libe lincane, senze ishekeli* libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lathi: Kuzaphela nini ukwethwasa kwenyanga ukuze sithengise amabele? nesabatha, ukuze sihlukanise ukolweni ngokunciphisa i-efa neshekeli libe likhulu, sikhohlise isikali ngobuqili?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 8:5
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha wathi: “Uyelani kuye namuhla na? Akusilo olokwethwasa kwenyanga, akusilo isabatha.” Wathi: “Kahle.”


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.


Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.


Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova; zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.


Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova, nesilinganiso senkohliso asilungile.


Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu; impepho iyisinengiso kimi; ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano angivumi ububi kanye nemikhosi.


“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,


IKhanani linesilinganiso esikhohlisayo esandleni salo, lithanda ukukhahlameza.


U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, ngithole imfuyo; kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.”


Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nehini* elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.


Ngathi: “Kuyini?” Yathi: “Lokhu kuyi-efa* eliphumayo.” Yabuye yathi: “Lokhu kungububi babo ezweni lonke.”


Yathi: “Lokhu kungububi.” Wamphonsa phakathi kwe-efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.


Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.


Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ