Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngalolo lusuku, amaculo asethempelini ayakuba ngawokukhihla isililo, ziyakuba ziningi izidumbu eziyakudindiliza, zilahlwe kuzo zonke izindawo. Thulani!” kusho iNkosi uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izihlabelelo zethempeli ziyakukhamuluka ngalolo suku, isho iNkosi uJehova: izidumbu ziyakuba ziningi endaweni yonke; bayozixosha ngokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 8:3
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi: “Abayikumkhalela ngokuthi: ‘Hhawu, mfowethu,’ noma, ‘hhawu, dadewethu!’ futhi bangamkhaleli ngokuthi: ‘Hhawu, nkosi,’ noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’


Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo, abhince indwangu yamasaka. Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.


Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali,* ngokuba isivuno samasimu sichithakele.


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayini ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


“Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi: “Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala, nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: ‘Maye, maye!’ babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;


Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho, angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.


Balele emibhedeni yophondo lwendlovu, bacambalala ezinkukhweni zabo; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.


Bahaya ngomsindo wogubhu, baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


ngabamahhashi abasukelayo, nenkemba enjengelangabi, nomkhonto onyazimayo, abaningi ababuleweyo nenqwaba yezidumbu, kungekho ukuphela kwezidikadika; bakhubeka ngezidikadika zabo,


Thula phambi kobuso beNkosi uJehova, ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo, ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ