Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Labo abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Ngokuphila konkulunkulu bakho, Dani,’ nokuthi: ‘Ngokuphila kwendlela eBheri Sheba,’ bayakuwa, bangaphinde bavuke.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Labo abafunga isono seSamariya bathi: Kuphila unkulunkulu wakho, Dani! nokuthi: Indlela yaseBeri Sheba; nabo bayakuwa, bangabe besavuka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 8:14
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wenyukela e-altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.


Uyakulahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu one ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli.”


Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta* amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.


Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka.


Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.


Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Umhlaba uyatengezela nokutengezela njengesidakwa, uyantengantenga njengexhiba; isiphambeko siyakuba nzima phezu kwawo, uwe, ungabe usavuka futhi.


okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo.


“Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’


uthi: ‘Kanjalo iBabele liyakushona, lingabe lisavuka ngenxa yokubi engiyakulehlisela khona, lidangale.’ ” Kuphela lapha amazwi kaJeremiya.


Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.


ISamariya liyakuthwala icala lalo, ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba, izingane zabo zichotshozwe, abakhulelweyo babo baqaqwe.”


Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayikuvuka; iphonsiwe phansi, akakho ongayivusa.”


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba, ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.”


Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa-Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe? Asiyilo iSamariya na? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Yena wayefundisiwe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa ngesineke izindaba eziqondene noJesu, azi ukubhapathiza kukaJohane kuphela;


Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela.


Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu.


Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;


wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.


Busisa, Jehova, amandla akhe, uyamukele imisebenzi yezandla zakhe; sicila ukhalo lwabo abamvukelayo, nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”


Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ