Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 8:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “Abantu bayodiyazela kusuka olwandle kuya olwandle, behla benyuka kusukela enyakatho kuya empumalanga, bazulazule befuna izwi likaSimakade, kodwa abayukulifumana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bayozulazula besuka olwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kufike empumalanga, bayahambahamba befuna izwi likaJehova, bangalitholi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 8:12
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana


Isideleli siyafuna ukuhlakanipha singakutholi, kepha ukwazi kulula koqondayo.


Lapho kungekho mbono khona, abantu bayadlubulunda, kepha ogcina umthetho ubusisiwe.


“Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’


Ekuletheni iminikelo yenu nasekudabuliseni amadodana enu emlilweni niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla. Mina ngiyakubuzwa yinina, nina ndlu yakwa-Israyeli, na? Qha, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo ukuyofuna uJehova; kepha abayikumfumana; umonyukile kubo.


“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza.


Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka-Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ