Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.” Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 USimakade wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu yokulinganisa.” INkosi yayisithi: “Uyabona-ke, sengizobeka intambo yomthofu yokulinganisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli angisayukubaxolela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na? Futhi ngathi: Umthofu. Wayesethi uJehova: “Bheka, ngibeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; ngeke ngisadlula kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:8
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele.


Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa, nokulunga kube ngumthofu wokumisa, isichotho sihlwithe isiphephelo samanga, amanzi akhukhule indawo yokucasha.


Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu, kwakhe kulo isikhova negwababa; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo, nomthofu wokumisa wokuyize.


Wena ungishiyile,” usho uJehova, “wabuyela emuva; ngiselulele isandla sami kuwe, ngakuchitha; sengikhathele ukuhawukela.


UJehova wayecebile ukuchitha ugange lwendodakazi yaseSiyoni; wawelula umucu wokulinganisa, akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni; wenza ukuba kukhale ugange nodonga, kudangale kanyekanye.


Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama,* ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele.


Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.


Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


“Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?”


Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,


Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona umqulu wencwadi ondizayo, ubude bawo buyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bawo buyizingalo eziyishumi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ