Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; waqeda uzamcolo omkhulu, waqeda ingxenye yawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:4
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,


O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Yenzani izahlulelo ekuseni, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Zisokeleni kuJehova, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.


Ngikhala kuwe Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.


Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, nomlilo, nezinsika zomusi.


Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.


Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.


Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza, uqede izindlu zalo zamakhosi.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Funani uJehova, niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.


INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.


Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziyakuqhekezeka njengengcina phambi komlilo, njengamanzi athululwe emaweni.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Umlilo waphuma kuJehova, waqeda abantu abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, ababenikele ngempepho.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Ngezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”


Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami, lithi: “Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ