Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Kwathi lapho isikhonyane sesibudle sabuqothula nya utshani ezweni, ngathi: “Nkosi Simakade, ake uthethelele; uyakuma kanjani uJakobe ngokuba mncane?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi seziqedile ukudla utshani belizwe, ngathi: Nkosi Jehova, ngithethelele; uJakobe uzakuma ngobani? ngoba mncane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:2
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Siza, Jehova, ngokuba owesaba uNkulunkulu akasekho, ngokuba banyamalele abathembekileyo kubantwana babantu.


Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe. Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.


Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”


Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”


Lokhu kokubili kukwehlele; ngubani okukhalelayo na? Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa, ukulamba nenkemba, ngubani ongakududuza na?


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


zathi kuJeremiya umprofethi: “Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi, njengalokhu amehlo akho ekubona nje,


Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”


Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”


Nkosi, yizwa; Nkosi, thethelela; Nkosi, lalela, wenze; ungalibali ngenxa yakho, Nkulunkulu wami, ngokuba umuzi nabantu bakho babizwe ngegama lakho.”


Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


“Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha; izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Ngase ngithi: “Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”


“Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?”


Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ