Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 “Ngakholo-ke usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, amadodana namadodakazi akho ayakufa ngenkemba, nezwe lakho liyakulinganiswa ngentambo labiwe, wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Umkakho uyakuba isifebe emzini, amadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, izwe lakho lihlukaniswe ngentambo; futhi niyofela ezweni elingcolile, futhi u-Israyeli ngokuqinisekile uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo, izindlu zabo ziphangwe, omkabo baphoqwe.


Uyakukuthandela nokukuthandela njengokuthandelweyo, akulahle njengegabade ezweni elibanzi. Uyakufela khona, lapho kuyakuba khona nezinqola zodumo lwakho wena hlazo lendlu yenkosi yakho.


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”


Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kini egameni lami, uthi: “Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba uthumile egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, nakubo bonke abapristi, ngokuthi:


Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.


Wathi uJehova: “Kanjalo nabantwana bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo singcolile phakathi kwezizwe engiyakubaxoshela kuzo.”


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo, kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.


Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi: “UJerobowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.”


INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.


Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.


“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.


Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.


Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ