Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 U-Amose waphendula wathi ku-Amaziya: “Angiyena umphrofethi mina, futhi angiyona indodana yomphrofethi, kodwa ngangingumelusi nomlimi wemithombe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisuye umprofethi, nandodana yomprofethi; kodwa ngangingumalusi nomvuni wemisikhamori;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:14
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesesuka lapho, wamfumana u-Elisha indodana kaShafati; wayelima ngezinkabi ezingamabhangqa ayishumi nambili phambi kwakhe, yena esebhangqeni leshumi nambili; u-Eliya wadlulela kuye, waphonsa ingubo yakhe kuye.


Umuntu othile wamadodana abaprofethi wathi kumngane wakhe ngezwi likaJehova: “Ake ungishaye.” Kepha lowo muntu wala ukushaya.


Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: “Umoya ka-Eliya uhlezi phezu kuka-Elisha.” Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.


Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma, aya ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?” Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”


Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela ku-Elisha, athi kuye: “Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na?” Wathi: “Yebo, ngiyakwazi; thulani.”


Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani.


U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo zwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: “Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.”


Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: “Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo.


Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.


Ezinye izindaba zikaJehoshafati, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu indodana kaHanani ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.


Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni; izimpande zezinwele zingukudla kwabo.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


kepha uyakuthi: ‘Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami.’


kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;


Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye: “Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ