Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 INkosi uSimakade yangibonisa kanje umbono: Bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani bakamuva. Uyabona-ke, kwakungutshani bakamuva osebusikiwe bungobenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 INkosi uJehova yangibonisa kanje; bheka, wenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani lokugcina; bheka, kwakuyihlaza lokugcina ngemva kokusikwa kwenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:1
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.


UJehova wangibonisa amaqoma amabili amakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaJehova, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, esethumbile uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi, wabasusa eJerusalema, wabayisa eBabele.


Ngase ngikhuluma kubathunjwa zonke izinto uJehova angibonisile zona.


Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.


“Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezinkumbi, nenkasa, nesibotho, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.


“Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha; izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.


Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe.


INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.


UJehova wayesengibonisa abakhandi abane bensimbi.


Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ