Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Balele emibhedeni yophondo lwendlovu, bacambalala ezinkukhweni zabo; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Balala emibhedeni ehlotshiwe ngophondo lwendlovu, bazelule ezihlalweni zabo ezinofonofo, badle amawundlu omhlambi namathole aphuma esibayeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 elala emibhedeni yophondo lwendlovu, yelula emibhedeni yayo, idle amawundlu ezimvu namathole esibayeni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:4
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele,* nangamatshe amnyama.


Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.


kepha bheka, nakhu ukujabula, nokuthokoza, nokubulala izinkabi, nokuhlaba izimvu, ukudla inyama nokuphuza iwayini, ngokuthi: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.”


Wo kuwo umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwa-Efrayimi, nakuyo imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo, esenhloko yesigodi esivundileyo sabanqotshwe yiwayini.


“Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze.


“ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.


wahlala embhedeni omuhle, itafula elilungisiweyo liphambi kwawo, owabeka kulo impepho yami namafutha ami.


Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe, kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa, abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”


“Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”


“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.


Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ