Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti; bahle kunale mibuso yini, umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Hambani niye eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu; bese wehlela eGati lamaFilisti. Ingabe ingcono kunale mibuso? noma umngcele wabo mkhulu kunomngcele wakho?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.


Lapho uThoyi inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadadezeri,


USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBabele, naseKhutha, nase-Ava, naseHamati, naseSefarivayimi, yabahlalisa emizini yaseSamariya esikhundleni sabantwana bakwa-Israyeli; badla iSamariya, bahlala emizini yalo.


Abantu baseBabele benza uSukoti Benoti, abantu baseKhuti benza uNerigali, abantu baseHamati benza u-Ashima,


Baphi onkulunkulu baseHamati nase-Aripadi na? Baphi onkulunkulu baseSefarivayimi, nabaseHena, nabase-Iva, na? Balophulile iSamariya esandleni sami na?


Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva, na?’ ”


Waphuma walwa namaFilisti, wadiliza ugange lwaseGati, nogange lwaseJabine, nogange lwase-Ashidodi; wakha imizi kwelase-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.


NgeDamaseku. “IHamati ne-Aripadi kujabhile, ngokuba kuzwile imibiko emibi, kuphela amandla. Kuyahlupheka njengolwandle, akunakuthula.


Umuhle wena kuneNo Amoni elaliphakathi kwemifula, elalizungezwe ngamanzi, elilugange lwalo lwalululwandle, nelidonga lwalo lungamanzi, na?


Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa.


Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla.


Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.”


Bathuma babuthela kubo onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?” Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli mawususelwe eGati.” Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ