Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Nina enihlanekezela ukwahlulela kube ngumhlonyane, nilahle phansi ukulunga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 “Nina enihlanekezela ubulungiswa bubabe njengomhlonyane, nilaxaze phansi ukulunga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wena ophendula ukwahlulela kube ngumhlonyane, umise ukulunga emhlabeni,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:7
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.


Ukuchitha kwababi kuyabaqothula, ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Wo kubona abamisa izimiso ezimbi, nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,


Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga.


Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama, babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo; wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.


“Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.


“Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga, uyakufela ezonweni zakhe, nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa, kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Lapho olungileyo ebuya ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho.


Bakhuluma amazwi nje, befunga amanga, benza isivumelwano; bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.


Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova; “babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”


Amahhashi ayagijima emadwaleni, kulinywa elwandle ngezinkabi, na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu, nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,


Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli eninengwa ngukwahlulelwa, nihlanekezela konke ukulunga,


Ngalokho umthetho uba buthakathaka, nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ