Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Funani uJehova, niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Funani uSimakade, niphile, kungenjalo uyakumemetheka njengomlilo endlini kaJosefa, ungqongqise, kungabi bikho owucimayo eBhethele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Funani uJehova, niyakuphila; funa avuthe njengomlilo endlini kaJosefa, awuqede, kungabikho owucimayo eBethele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:6
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile; bheka, ngifikile namuhla ngingowokuqala wendlu yonke kaJosefa, ngehle ukuhlangabeza inkosi yami, inkosi.”


Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.


“Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.


Abanamandla bayakuba njengefilakisi,* nemisebenzi yabo njengenhlansi; bayakusha bobabili kanyekanye, akuyikubakho ocimayo.”


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.


Zisokeleni kuJehova, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuyithatha induku kaJosefa esesandleni sika-Efrayimi nezizwe zakwa-Israyeli, abangane bakhe, ngiyibeke endukwini kaJuda, ngizenze zibe yinduku inye, babe munye esandleni sami.’


“Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakuhambela nama-altare aseBethele, kunqunywe izimpondo ze-altare, ziwe phansi.


Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho.


Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.


Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.


“Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo, babe kungathi angizange ngibalahle, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu, indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ