Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba, ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Kodwa ningalifuni iBhethele, ningayi eGiligali, ningadluleli eBheri Sheba, ngokuba impela iGiligali liyakuthunjwa, iBhethele liphenduke ize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:5
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba,* ngokuba bafunga khona bobabili.


U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.


Wayesewubiza ngokuthi iSheba; ngalokho igama lomuzi lithi iBeri Sheba kuze kube namuhla.


Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani.


Yakhipha bonke abapristi emizini yakwaJuda, yangcolisa izindawo eziphakemeyo, lapho abapristi bebeshise khona impepho, kusukela eGeba kuze kube seBeri Sheba; yadiliza izindawo eziphakemeyo zasemasangweni asesikhaleni sesango likaJoshuwa umphathimuzi, ezazingakwesokhohlo somuntu ngasesangweni lomuzi.


Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.”


UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.


Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona, nesideleli siyakube singasekho, nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,


Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.


UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.


Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni, isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo; bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,” nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”


Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku, nginqume abakhileyo eBikati Aveni, nophethe intonga eBeti Edene, abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.


“Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakuhambela nama-altare aseBethele, kunqunywe izimpondo ze-altare, ziwe phansi.


“Wozani eBethele, niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo, nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,


U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.


ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.”


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”


“Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa, nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa, ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”


Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”


nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona,


Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.


Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.


UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.


Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi,* nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude,


USamuweli wayesethi kubantu: “Wozani siye eGiligali, sibuye sivuse umbuso khona.”


Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


Igama lendodana yakhe eyizibulo lalinguJoweli; igama leyesibili lalingu-Abiya; babe ngabahluleli eBeri Sheba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ