Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngokuba usho kanje uSimakade kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, nizakuphila;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:4
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


“Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.


UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.


UJuda wabuthana ukucela ukusizwa nguJehova; baphuma emizini yonke yakwaJuda, bafika ukumfuna uJehova.


Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo, ofuna uNkulunkulu.


Abamnene bayakudla, basuthe; abafuna uJehova bayakumdumisa; inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.


Kuwena othi: “Funani ubuso bami,” inhliziyo yami ithi: “Ubuso bakho, Jehova, ngiyabufuna.”


Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule; nina enifuna uNkulunkulu, inhliziyo yenu mayiphile.


Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu, neziboshwa zakhe akazideleli.


Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.


ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.


Zihlwanyeleleni ngokulunga, niyakuvuna ngomusa; qathani umqatho wenu; sekuyisikhathi sokumfuna uJehova, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.


Funani uJehova, niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.


Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.


wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.


Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ