Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,” usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Ngiyakunenza nithunjelwe phesheya kweDamaseku,” kusho uSimakade ogama lakhe linguNkulunkulu Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngalokho ngiyakunithuma ekuthunjweni ngaphesheya kweDamaseku, usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:27
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula,* lokhu benzile o-Ashera* babo, bathukuthelisa uJehova.


Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.


uJehova waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe njengokukhuluma kwakhe ngesandla sazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. Wayesethunjwa u-Israyeli ezweni lakubo, wayiswa e-Asiriya kuze kube namuhla.


Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalithatha iSamariya, yathumbela u-Israyeli e-Asiriya, yababeka eHala, naseHabori ngasemfuleni waseGozani, nasemizini yamaMede.


Wayesethi uJeremiya kuSedekiya: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma uphuma nokuphuma, uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila, futhi lo muzi awuyikushiswa ngomlilo, uphile wena nendlu yakho;


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Seniyakuthwala uSakuti inkosi yenu noKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu, izithombe zenu enizenzele zona.


Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!


Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo, kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.


Qha, nathatha itende likaMoloki nenkanyezi kankulunkulu uRemfani, imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo. Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ