Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu, angiyenameli, futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Impela noma ninganikela kimi ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu, ngeke ngiyamukele; ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula yamathole akhuluphalisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Noma ningilethela iminikelo yenu yokushiswa neminikelo yenu eyenziwa ngomlilo, angiyikuthokoza ngayo; futhi angiyikunaka imihlatshelo yezinkomo zenu ezikhuluphele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:22
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.


Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.


“Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?” usho uJehova; “ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo; negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongo angithokozi ngalo.


Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu, kepha enikela nangegazi lezingulube, noshisa inhlaka, ebonga nesithombe, yebo, laba bakhethile izindlela zabo, nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi: “Bathanda ukuzula kanjalo, abazibambi izinyawo zabo; uJehova akathokozi ngabo; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.”


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


“ ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli: Thasiselani iminikelo yenu yokushiswa emihlatshelweni yenu, nidle inyama.


“ ‘Nanku umthetho womhlatshelo weminikelo yokuthula okuyakunikelwa ngayo kuJehova.


Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho, angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.


“Manje ake ninxuse kuNkulunkulu ukuba abe nomusa kithi; njengokuba ninokunjalo ezandleni zenu, uyakunamukela na?” usho uJehova Sebawoti.


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ