Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Lungubumyama usuku lukaJehova, alusikho ukukhanya, nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Ngabe usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya, luyisigayegaye esingenakho ukukhanya na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Usuku lukaJehova aluyikuba ngubumnyama, lungabi ngukukhanya na? ngisho emnyama kakhulu futhi akukho ukukhanya kuyo?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:20
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazo akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.


Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


“Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.


Lolo suku lungusuku lolaka, usuku lokuhlupheka nolosizi, usuku lwencithakalo nolokuyize, usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,


“Khona inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.’


“Kepha masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku “ ‘ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo; nombuso waso wenziwa mnyama, baluma izilimi zabo ngenxa yobuhlungu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ