Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wo kinina enifisa usuku lukaJehova! Luyakunisizani usuku lukaJehova? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Maye kini enifisa usuku lukaSimakade! Kungani nilangazelela usuku lukaSimakade na? Usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Maye kinina enifisa usuku lukaJehova! kuyini kuwe na? usuku lukaJehova luwubumnyama, alukona ukukhanya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:18
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.


Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesaba awele emgodini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe, ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe, nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.


abasho ukuthi: “Makaphuthume, asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone, kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli, sifike ukuba sisazi!”


Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.


Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.


Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.


Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.


Bheka, bathi kimi: “Liphi izwi likaJehova na? Malize phela.”


Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


“Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na?


“Ndodana yomuntu, bheka, abendlu ka-Israyeli bathi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku ezizayo, uprofetha ngezikhathi ezisekude.’


Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, amazulu ayathuthumela; ilanga nenyanga kuphenduka ubumnyama, nezinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.


“Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


Bayakuphela indlala, baqedwe ngukushisa komzimba, nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.


bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ