Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala, ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Kuyakuba khona isililo nasezivinini zonke, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwenu,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Zonke izivini ziyakukhala, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwakho,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:17
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;


“ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.


Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.


Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini nasezweni lakwaMowabi; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.


Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele; iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula.


Usho kanje uJehova, uthi: “Noma benamandla, futhi bebaningi, nokho bayakuqedwa, banyamalale; noma ngikuhluphile, angisayikukuhlupha.


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.


Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami, ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo, ngokuba sengibonile ngawami amehlo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ