Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo, namukela umvuzo, nenichezukisa abampofu esangweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi, nokuthi izono zenu zinkulu kangakanani, nina enicindezela abalungileyo, nemukele umfumbathiso, nithalalise udaba lwabantulayo esangweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zenu eziningi nezono zenu ezinamandla;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:12
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.


uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,


Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona; abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.


“Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe.


Isipho sinjengetshe elinqabileyo emehlweni omninilo: noma ebhekaphi, uyaphumelela.


Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni,


Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; bonke bathanda izipho, balandela imivuzo; abahluleli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni, nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, baqhwage izintandane.


ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje, bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.


Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,


Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi kufike phezu kwakho ngokugcweleyo phakathi kobuningi bamalumbo akho, nobuningi beziphonso zakho.


abathetha ababi ngenxa yemivuzo, basuse ukulunga kwabalungileyo!


“Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.


ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.


Ukuphahlaza phansi kwezinyawo zonke iziboshwa zasemhlabeni,


Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,


Ngiyamazi mina u-Efrayimi, u-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, Efrayimi, ufebile, u-Israyeli uzingcolisile.


onesibindi phakathi kwamaqhawe uyakubaleka ze ngalolo suku,” usho uJehova.


Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye,” usho uJehova.


Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho banengwa nguye.


Nina enihlanekezela ukwahlulela kube ngumhlonyane, nilahle phansi ukulunga;


Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,


elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.


Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofakazi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo, lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje, ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.”


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani.


UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi.


Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ