Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 “Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kusukela lapho ninyathela ompofu, nithatha isithungu senu, nakhe izindlu zamatshe abaziweyo, kepha aniyikuhlala kuzo; nitshale izivini ezithandekayo, kepha aniyikuphuza iwayini lazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:11
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.


Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.


Bayakuphanga imfuyo yakho, bagcugce impahla yakho ethengiswayo, babhidlize izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.


Ngokuba nisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,


Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza, iwayini elisha liyakumkhohlisa.


nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.


Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,


Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo, kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.


Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: “Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.”


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.


Amahhashi ayagijima emadwaleni, kulinywa elwandle ngezinkabi, na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu, nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,


Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,


Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.


“Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendle nendawo yokutshala izivini, ngiqulele amatshe alo esigodini, ngambule isisekelo salo.


Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


“Uyakutshala, ungavuni kodwa; uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo incithakalo; bayakwakha izindlu, kepha abayikuhlala kuzo, batshale izivini, bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.


“Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.


Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ