Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho banengwa nguye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Bayamzonda okhuzayo esangweni; bamenyanye okhuluma iqiniso elimsulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Bayamzonda okhuzayo esangweni, bamenyanya okhuluma ukulunga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:10
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi u-Ahabi esembonile u-Eliya, u-Ahabi wathi kuye: “Nguwe ongumhluphi wakwa-Israyeli na?”


Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusekhona umuntu munye, uMikhaya, indodana kaJimila, esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi.” Wathi uJehoshafati: “Inkosi mayingasho njalo.”


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


Isideleli asithandi ukusolwa; asiyi kwabahlakaniphileyo.


ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje, bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.


Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango; uJehova wakubona lokho, kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.


U-Ebedi Meleki umKushe, umthenwa, owayesendlini yenkosi, esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini, inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,


“Makungabikho ophikisana nomunye, asole omunye; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.


umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumbeni, liphendulile uboya baba mhlophe, nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,


Zondani okubi, nithande okuhle, nimise ukwahlulela esangweni; mhlawumbe uJehova uNkulunkulu Sebawoti uyakuba nomusa kuyo insali yakwaJosefa.


Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.


Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa.


Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na?


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ