Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Lalelani leli lizwi engilimemezela kini eliyisililo ngendlu ka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zwanini lelilizwi engiliphakamisa phezu kwenu, isililo, lina ndlu kaIsrayeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:1
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na? Intombi yakwa-Israyeli yenzile into eyesabekayo kakhulu.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba bafike, nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike,


Yebo, zwanini izwi likaJehova nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu ukukhala, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.


Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”


“Phakamisa wena isililo ngezikhulu zakwa-Israyeli, uthi:


Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nezithelo zawo, kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”


Ziyakwenza isililiselo ngawe, zithi kuwe: “Yeka ukuchitheka kwakho, wena owahlalwa ngabasolwandle, muzi odumileyo, owawunamandla olwandle, wena nabakhileyo kuwe, owenza ukuba besatshwe bonke abakhileyo kuwe.


“Wena ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngeTire,


“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngenkosi yaseTire, uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Wawuluphawu lokupheleleyo; wawugcwele ukuhlakanipha, wawuphelele ngobuhle.


“Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”


“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako* elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.


Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, iNkosi, uthi: “Ezigcawini zonke kuyakuba khona ukukhala, nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: ‘Maye, maye!’ babize umlimi ukuba akhale, nabaziyo izililo ukuba balile;


Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”


Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ