Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Imizi emibili noma emithathu yadiyazela, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; nakuba kunjalo kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho imizi emibili noma emithathu yazulazula emzini owodwa ukuyophuza amanzi; kepha abasutha; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 4:8
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ahabi wathi ku-Obadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi,* izilwane zingabhubhi.”


i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


“Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?


Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.


“Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Lapho udlayo, awuyikusutha, kube khona ukulamba phakathi kwakho; uyakususa, ungakhululi kodwa, nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi,’ usho uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ