Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 “Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Futhi ngaligodla imvula kusasele izinyanga ezintathu kuze kufike ukuvuna, ngenza imvula komunye umuzi, anginisanga komunye umuzi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 4:7
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.


Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.


“ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.


Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.


UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.


Ngenxa yomhlabathi odabukileyo, ngokuba akubangakho mvula ezweni, abalimi banamahloni, bamboza amakhanda abo.


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.


Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba, baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula.


Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.


Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?


intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.


U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha.


Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ