Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 4:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Wozani eBethele, niphambeke, naseGiligali, nandise iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu ekuseni njalo, nokweshumi kwenu kanye ngezinsuku ezintathu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “Wozani eBhethele, nizokona, naseGiligali, nizokwandisa iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu njalo ekuseni, nokweshumi kwenu ngezinsuku ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wozani eBethele, neqe; eGiligali siyanda isiphambeko; nilethe imihlatshelo yenu nokweshumi kwenu ekuseni njalo emva kweminyaka emithathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 4:4
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.


“ ‘Nina ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo isithombe sakhe, kepha impela ngasemuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


“Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakuhambela nama-altare aseBethele, kunqunywe izimpondo ze-altare, ziwe phansi.


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba, ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.”


Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.


Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.


Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.


“Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ