Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Nganithumela isifo ngendlela yaseGibithe, ngazibulala izinsizwa zenu ngenkemba, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba ukunuka kwekamu* lenu kukhuphukele nasemakhaleni enu, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 “Nganithumelela ubhubhane ngendlela efanayo neyaseGibhithe, ngazibulala ngenkemba izinsizwa zenu, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba iphunga lokunuka kwenkambu yenu likhuphukele emakhaleni enu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngathumela isifo phakathi kwenu ngendlela yaseGibithe; ngenza ukuba iphunga lemibhede yenu likhuphukele emakhaleni enu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 4:10
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa-Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli,


Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yase-Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesi sikhathi.


Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.


UHazayeli wathi: “Inkosi yami ikhalelani na?” Yathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.”


Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.


OMose no-Aroni bangena-ke kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: ‘Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose.


Usabavimbela abantu bami, ungabavumeli ukuba bahambe, na?


Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.


Bhekani nina nonke eniphemba umlilo, enibhinca izikhuni, manihambe ekukhanyeni komlilo wenu naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo. Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.


i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.


Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo ayakufa ngendlala,


“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.


Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile, izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Ngalokho izinsizwa zawo ziyakuwa ezitaladini zalo, nawo onke amadoda empi ayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.


Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ”


“Abayikubuyela ezweni laseGibithe, owase-Asiriya abe yinkosi yabo, ngokuba benqaba ukubuya, na?


“Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu.


nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


“Mina nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kepha anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


“Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”


Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi,’ usho uJehova.


UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.


UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele.


Uyakubuyisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owazesabayo, zinamathele kuwe.


UJehova uyakususa kuwe zonke izifo, angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ