Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: “Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lazisani ezindlini zobukhosi zase-Ashidodi nasezindlini zamakhosi ezweni laseGibithe, nithi: ‘Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone isiyaluyalu esiphakathi kwabo nabacindezelweyo phakathi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:9
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.


yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango;


Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.


Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


Uyakubuye utshale izivini ezintabeni zaseSamariya; abatshali bayakuzitshala, badle izithelo zazo.


“Yazisani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nizwakalise naseNofi naseThahipanesi, nithi: ‘Suka ume, uzilungise, ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


“ ‘Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya.


ngibenze isizwe sinye ezweni, ezintabeni zakwa-Israyeli, kube yinkosi inye kubo bonke, bangabe besaba yizizwe ezimbili, bangabe besahlukaniselwa imibuso emibili.


“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.


Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi, nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e-Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!


nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.


ukuze sithenge abampofu ngesiliva nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo, sithengise ngamahlunge kakolweni.”


Kusekhona inzuzo embi endlini yababi, ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?


AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ