Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo, kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Ngiyakubhidliza indlu yasebusika neyasehlobo, kushabalale izindlu ezihlotshiswe ngophondo lwendlovu, kudilike izindlu eziningi,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Futhi ngiyochitha indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo; izindlu zophondo lwendlovu ziyakubhubha, nezindlu ezinkulu ziphele,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:15
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezinye izindaba zika-Ahabi, nakho konke akwenzayo, nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo, nayo yonke imizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?


Zonke izingubo zakho ziqholiwe ngenhlaka, nenhlaba, nekasiya;* ezindlini zobukhosi zophondo lwendlovu ukubethwa kwezingubhu zezintambo kukujabulisile.


UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.


Inkosi yayihlezi endlini yobusika ngenyanga yesishiyagalolunye, iziko elivuthayo liphambi kwayo.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.


Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.


U-Ehudi wasondela kuye; wayehlezi ekamelweni eliphezulu elipholileyo; wayesethi u-Ehudi: “Nginodaba oluvela kuNkulunkulu kuwe.” Wasukuma esihlalweni sakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ