Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sibhidlize izinqaba zenu, siphange nezigodlo zenu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Kuyakuba khona isitha ezweni nxazonke; uyakuhlwitha amandla akho kuwe, nezigodlo zakho ziphangwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.


Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange lwaseJerusalema, bazishisa zonke izinqaba ngomlilo, bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.


Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova; “babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”


Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo, kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.


“Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti; “bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni wase-Araba.”


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ