Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova; “babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba abakwazi ukwenza okulungile, usho uJehova, oqongelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:10
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.


Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?


yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango;


Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.


Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.


Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


Ngase ngithi mina: “Laba bayizimpofana nje, bayiziwula, ngokuba abayazi indlela kaJehova, ukwahlulela kukaNkulunkulu wabo.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;


Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, bakhathazile abampofu nabaswelayo, bacindezele abafokazi ngokungengamthetho.


Wathi kimi: “Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova, babuye bangicunula. Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.


“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Nina enihlanekezela ukwahlulela kube ngumhlonyane, nilahle phansi ukulunga;


Amahhashi ayagijima emadwaleni, kulinywa elwandle ngezinkabi, na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu, nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,


nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.


INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”


Kusekhona inzuzo embi endlini yababi, ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?


Ngalolo suku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu, begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.


Ngokuba bathanda ukukhohlwa lokhu ukuthi kwaphakade izulu lalikhona kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, umi ngezwi likaNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ