Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abalangazelela uthuli lomhlaba ekhanda lompofu, bachezukise indlela yabamnene, bangene indoda noyise kanye nencekukazi efanayo, bahlambalaze igama lami elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 2:7
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.”


U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: “Angiyikukunika ifa lawobaba.” Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga lutho.


Ukukhetha ubuso akukuhle; ngomthamo wesinkwa umuntu angenza isiphambeko.


Wo kubona abamisa izimiso ezimbi, nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,


ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni, nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, baqhwage izintandane.


UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.


Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Omunye wenzile isinengiso nomkamakhelwane wakhe; omunye ungcolisile ngobufebe umalokazana wakhe; omunye wonile phakathi kwakho udadewabo, indodakazi kayise.


Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona, balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.’


“Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.


“ ‘Ungambuli ubunqunu bukamalokazana wakho; ungumkandodana yakho; awuyikwambula ubunqunu bakhe.


“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.


“ ‘Ubunqunu bomkayihlo ungabambuli; kungubunqunu bukayihlo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.


Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo, namukela umvuzo, nenichezukisa abampofu esangweni.


Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,


Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo, nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe.


Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ