Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 “Mina nganikhipha eGibhithe, nganihola ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle izwe lama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 2:10
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane, kabaswelanga lutho; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga.


Iminyaka engamashumi amane nganengwa yileso sizukulwane, ngaze ngathi: “Bangabantu abanhliziyo zabo zidukile, abazazanga izindlela zami,”


Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’


Ngase ngibakhipha ezweni laseGibithe, ngabangenisa ehlane.


Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:


“Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”


Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.


Base belandisa abantwana bakwa-Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: “Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo.


U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.


Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.


Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi: “ ‘Naningilethela iminikelo nemihlatshelo iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?


Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.


“Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.


lonke izwe lamaKhanani ngaseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori,


“ ‘Nganingenisa ezweni lama-Amori ahlala ngaphesheya kweJordani, alwa nani; ngawanikela esandleni senu, nadla izwe lawo; ngawachitha phambi kwenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ