Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi, nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e-Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakunquma owakhileyo e-Ashidodi nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami phezu kwe-Ekroni; insali yamaFilisti iyoshabalala, isho iNkosi uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:8
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphuma walwa namaFilisti, wadiliza ugange lwaseGati, nogange lwaseJabine, nogange lwase-Ashidodi; wakha imizi kwelase-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.


Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo, ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.


ngibuyisele isandla sami kuwe, ngicwengisise impela amanyela akho, ngisuse lonke ithini* lakho,


Ngomnyaka wokufika kukaTharithani e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa ne-Ashidodi, walithatha,


Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwelulela isandla sami kumaFilisti, nginqume amaKhereti, ngichithe insali yasogwini lolwandle.


“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,


Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza, uqede izindlu zalo zamakhosi.


Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: “Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.”


Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo, indlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,” ngokuba uJehova ukhulumile.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe, neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu, kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.


E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.


Lawa angamathumba egolide amaFilisti awabuyisa abe ngumnikelo wecala kuJehova: elinye ngele-Ashidodi, nelinye ngeleGaza, nelinye ngele-Ashikeloni, nelinye ngeleGati, nelinye ngele-Ekroni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ